Impi Yakho Nkosi

 


1. Impi yakho Nkosi
Mayihambe kahle
Ngaphambili kwayo
Wena uyahamba
Wena uyiNkosi
Usilonda Njalo
Thina asesabi.
Ngesikhathi sempi


Refrain:
Impi yakho Nkosi
Mayihamba kahle
Wena uyahamba
Ngaphambili kwayo.


2.Sesikuyo thina
Impi enamandla
Singabafowabo
BabaNgcwele bonke
Siyabambelana
Singumzimba munye
Sithandana sonke
Siyethemba njalo.


3.Iyakubaleka
Eyesitha impi
Thina siyahamba
Sinethemb’ elihle
AbaseGehenna
Bayathuthumela
Thina asihube
Ngezwi elikhulu.


4.Amakhosi onke
Angawiswa phansi
Lingewe iBandla
LikaJesu Kristu
Impi eyengayo
Khona isilinga
Siyethemba lona
Izwe lika Jesu


5.Ngakho nin’ abantu
Hlanganani nathi
Ngezwi lokuqoba
Hubelani kahle
Kadunyisw’ uKristu
Oy’ iNkosi yethu
Bonke bamdumise
Abenziwa nguye. Amen.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *